“Itshe abalinqabayo abakhi abakhi yilo esalaba inhloko yegubhi”. Lawa ngamazwi acashunwe ebhayibhelini esiye sicabange ukuthi ayinganekwane nje. Umfu. Shadrack Tayengwa ubethula intshumayelo yakhe e Christ Church Pinetown ngomlando we mpilo yokhe. Umfu  Tayengwa owaseZambia ebandleni le Apostolic Church eyenganyelwe eDernmark, ulapha eNingizimu Afrika ngokuzokwandisa ulwazi lwakhe kwi Theology eGeorge Whitefield College eCape Town. Uthi beku ngu 1976 unina omzalayo eneminyaka engu 14 ethunywe esitolo, wabanjwa indoda angayazi yamdlwengula. Ubikele abazali bakhe kodwa kwangabikho lutho olwenzekayo. Kuhambe isikhathi kwabonakala ukuthi ukhulelwe. Uthi unina wahlukumezeka kakhulu abakubo nezihlobo bemshaya bethi akakhombe lendoda athandana nayo esimkhulelisile. Uphikile ethi akanandoda yena. Umndeni usaba ihlazo wenze izaba zokufihla isisu. Sesingasafihleki umndeni ubize inyanga, isangoma nabantu abazi imithi yesintu ukuba sihushulwe lesisi. Uthi lokho kuzanywe izikhathi eziyi-6 kodwa konke kwaphelela ezeni.

Kuthe unina kamfundisi esenezinyanga eziyi 7 umndeni wathola udokotela wase China othe yena uzosihushula isisu noma isikhathi sase sihambile. Uthi ke kuthe sekulungiswe konke esibhedlela kwavele kwafa injini yasesibhedlela ephehla ugesi kwaba ukubhuntsha kohlelo njalo. Kwenzeka konke nje lokhu inina khulu ozala unina ukhona akahambisani nokukhishwa kwesisu kodwa eyeseka indodakazi yakhe. Kuthiwa washo lamazwi: “uma uNkulunkulu engakavumi ngeke kwenzeke lutho”. Umndeni ube usuyeka wathatha unina kamfundisi wayomfihla emakhaya akude nalapho baziwa khona. Kwathi ngomhlaka 10 October 1976 wabeletha wathola le nsizwa esingumfundisi manje.

Unina ubuye a wathola umuntu washada wagana naye wakhuliswa ilobaba ongamzaliyo. Uthi ubudlelwano bakhe naloyise bebungebuhle kusukela esazi ukuthi akamzali. Kodwa lokho akuzange kumqinde ukufezekisa iphupho lakhe. Ufunde waze waqeda wathola umsebenzi kwaloliwe wakwazi ukufundisa izingane zakubo, umfana omelamayo naye usengumfundisi kulo lelibandla le Apostolic church udadewabo yena uyithishela.

Umfundisi Tayengwa ushadelwe futhi unamadodana amathathu asafunda emebangeni aphansi. Bonke bahlala eCape Town nomkakhe ufunda khona kuleli kolishi leTheology. Uthi isizathu sokuthi ashumayele ngodaba kwakhe ukuthi ufuna ukufundisa nokuvuselela izimilo ebantwini.

Uphethe ngokuthi asho ukuthi waziswa kanjani ngokuzalwa kwakhe uthi : unina esesenzinsukwini zakhe zokugcina wambiza wamtshela ukuthi kunemfihlo afuna ukumdalulela yona wabe esemtshela ke esho ukuthi isizathu sokuyifihla ukuthi ubengafuni ukuthi amzwise ubuhlungu. Uthi ngesikhathi unina emxoxela konke lokhu unina khulu wayekhona efakaza konke okwabe kushiwo nginana kuye.  Uninakhuke yena usaphila futhi bezwana kakhulu nomfundisi. Uthi yena ngesikhathi ethola wamangala ukuthi kanti udaba lwalwaziwa yisizwe sonke yena engazi ngalo.